close
Jump to content

Izingakushisa

Kubuya ku Wikipedia

Izingakushisa liwukubonakaliswa ngokwenani lokushisa noma ukubanda . Izingakushisa lilinganiswa ngenhlolamshiso. Libonisa impekumpeku evamile yamachwe adlidlizayo nashayisanayo akha isiqa.

Kwezomchadamezo wakudala kanye nomchachiso wempekumpeku, izingakushisa libonisa impekumpeku ejwayelekile yezinhlayiyana ohlelweni, okunikeza isilinganiso sobuningi sendlela isidlakalasi esatshalaliswa ngayo phakathi kwamazinga amancane enkululeko.

Izingakushisa libalulekile kuzo yonke imikhakha yenzululwazi, ezihlanganisa umchazandalo, umchazatho, inzululwazi yomhlaba, umchazamkhathi, ezokwelapha, umchazampilo, i-ecology, inzululwazi yomthako, i-metallurgy, umngcikisho benguxa kanye nomchazamhlaba kanye nezici eziningi zokuphila kwansuku zonke.

Imiphumela

[hlela | Hlela umthombo]
Image
Ukwehluka okumaphakathi kwansuku zonke kwezingakushisa lomzimba womuntu